SIYAKUBABAZA

I” SIYAKUBABAZA” i-Albhamu entsha ehlanganise imikhuleko, amaculo kanye nendumiso okuvela kuDkt Noel Woodroffe kanye neCongress Music Factory.

Lendumiso enamandla iqubuka enhliziyweni egcwele ukubonga kwabo bonke abantu betusa ubukhosi, amandla kanye nenkazimulo kaNkulunkulu eveza amagugu kanye nobuNkulunkulu bakhe emhlabeni.

Le-Albhamu imele indima enkulu yohambo lwethu ndawonye. Isihumusho sesiNgisi saqoshelwa endaweni ekhethekile i-Elija Centre , ewumgogodla wokusungula kwiCongress. Ukuqopha kwakudidiyelwe uDkt Woodroffe kanye nomkakhe uSis June kwabandakanya nabazalwane base Elija Centre nabanye abakhethekile bemele amalunga amabandla aseTrinidad and Tobago

Abaculi kanye nababhali bomculo bevela emazweni onke omhlaba bahlanganyela ukwenza le-Albhamu yendumiso ngezilimu ezingaphezu kweziyi-14, Manje amaphimbo abazalwane abasemazweni onke omhlaba ayazwakala bephakamisa amaphimbo abo amnandi bedumisa futhi betusa iNkosi yethu uJesu Kristu.